Ezivuthayo Emaputaland yiphephandaba lesiZulu eliqanjwe ngendwa iMaputaland. Leli ngelinye igama elichaza indawo yakwaMhlabuyalingana, okuyigama lezokuvakasha. U-50% wezindaba zethu ngezaseMkhanyakude, Zululand neKing Cetshwayo District. U-30% zindaba zaKwaZulu-Natal. U-15% zindaba zikazwelonke. U-5% zindaba zamazwe omhlaba.
Siyiphephanda elibika njengoba into yenzekile. Kasihlobene naqembu lezepolitiki futhi kasicwasi ngokwenkolo nangobulili. Izindaba zethu zigxile emunxeni wodaba okukhulunywa ngalo kakhulu nezindaba ezingajwayelekile.